09/06/2026
[01/05, 09:05] MAGATSHENI: KUSEMHLABENI LA
SEASON2
P10 and 11
"Ungixolele mama wabantwabami, angikulahlelelanga abantwana, uyamazi lawe umfazi kaZothile, ngiyathi ngiyangena umuzwe ethi ufunani ebazukulwini bami. Umuzi lomuzi ulesiko lwawo. Singabantu besintu sikholwa lapho esikholwa khona. Bawile inkaba, yikho behlanya kanje. Ngilesimanga ngilapha. Ngala mina ukuthi baphume ezindabeni. Aluba wabelethela kwesikahulumende isibhedlela aluba bayatrenda abantwabami. Uyakwazi lawe emntwaneni angibuyeli muva. Besengilala lo Shawn. Kuyakhala lokhu ayi bo."
"Uyangithanda Xolani okwemvelo okungabuzwayo, uncedile umamazala bengingeke ngenelise mina ukumunyisa uthini uZothile.:
"Ubiza uyihlozala ngebizo, ngizathi uyelaywa kutsha."
"Angithi ngizwe ngawe. Lijabule lifile ikhehla. Uyandisile umdeni. Asizali futhi.'
"Sekumele sidinge omunye umsizi."
"Owani, ukhona uSithembile loZothile, thula wena..."
"Ngeke Xolani?"
"Kutsho uzahlala ungasebenzi njengabo ibranch eseFolosi iyabhekwa ngubani?"
"Hawu! Angifundanga mina."
"Ungakhathazeki ngalokhu ukufaka ama orders akudingi certificate. Nxa ufuna ukuhlala uzahlala ube ngu house wife angilankinga ngalokhu. Lala sizaxoxa usuqinile."
Basebevele bawamunya, kwasa equmbile ngafuthelwa ukudlula umhelo. "Qina, qina, Charity kuyadlula lokhu. Umuntu abe ngumfazi ohlala eceleni kwendoda. Iyama phela ekaXolani, ayimi emuntwini onuka ucha..."
"Mama."
"Yeyi don't mama me. Kaso funiture uCharity..."
"Uyafuthelwa lumuntu."
"Ukhulumani Xolani, hambe pheka silambile thina. Yeyi, qala umthelele amanzi okugeza , uthele konke lokhu emanzini akhe. Besewubilisa amanye engizamthoba ngawo. Ungaka hambi, ntshintsha laba asebevukile ama pamper. Ungithelele amanzi ekomitshini abilayo, anathe lapha engakadli."
"Ngenze kuphi mama."
"Uzwile angithi iyama, yenza lokhu engikutshela khona."
Walinwaya ikhanda, ephuma ngesikhatshana wangena lenkomitsho elamanzi abilayo. Yikho kanye engangikunathiswa ngumama nxa ngiqeda kubeletha. Isihaqa singumfana. "Phuma ke Xolani, ngimthobe. Sibelula isitshwala asidle sisatshisa ugxobe amaxolo lawa abe yimpuphu."
Ekuthotshweni ngangisithi umama uyangibulala. Kumamazala zazibuya okuzwayo. Ayifake ithawulo itshisa esiswini. Iphume yonke ingcekeza. Eyemithi yesintu ngasengizwile. Ngacina sengijwayele. Wathi esiyaphela uMbimbitho isisu sesibohlile. Lami sengizihambela kuhle. Ebantwaneni wayengavilaphi uXolani, engezwa osephumele uyantshintsha ethule. Nxa ephangisile ukufika bengakagezi ehle ebagezise bonke lobhudi wabo.
Kwakuntambana evele emsebenzini ethwele amapampers abantwana lezigqoko zabo, ngabona ebakhangela enikina ikhanda.
"Ngitsho mama, hayi bo! Abantwana laba badla imali edlula ukudla kwendlini."
"Amasokisi uthengile, sekuqanda khathesi, kwelizayo ingama uyilalise. Usebenza amatshe yini?"
"Charity uyamuzwa unyokozala."
"Uyabona indlela abanatha ngayo uchago, wayengasinda yini umkakho ukube bayamunya. Ukhulu wabo uthe uyabafuna bonke lomnewabo ekhaya. Izaba yinto yempelaviki."
"Uyayibona ke eyokuvuthisa indlela sengisiya ekhaya. Ubelapha ubaba kuthange ubabonile."
"Umsebenzi wabo uzenzelwa ekhaya mntanami, yabuya ekaShawn inkaba loba wayesekhulile umsebenzi wakhe wenzelwa ekhaya."
"Kulungile."
"Umsebenzi uzabe usumnengi sibili, sekumele sidinge omunye umncedisi. Yikubalalisa uChipo ngomsebenzi."
'Kunjalo sibili, pho simthole ngaphi onjengoChipo nkosiyami. Angifuni umuntu ozangihlupha kusasa."
"Ngizakhuluma laye uChipo, usamkhumbula uSimiso, umnawakhe lowana owayethi bahlangana kuyise aze avakatshe. Ngiyake ngimuzwe exoxa laye, ngabona ufuna ukutshiya lapha asebenza khona, ngambona nje elapha edlala loShawn, asazi kumbe umuntu uyantshintsha njalo."
"Khuluma laye Mamoyo, indlu le ingcolile, okungabantu kukaXolani kungathi kuyakhala, ufica esethwele nzima uChipo ngize ngithi kayekele i cleaning. Sizambona ngokwenza."
Wayefunakala omunye umsizi sibili. Saba lenhlanhla ngoba wayesengomuntu obuyela ekhaya, lapho ayesebenza khona khanya kwakungahlaleki. Ngiyakwazi lokhu ngoba lami ngake ngasebenza ezindlini. Sahamba laye ekhaya uSimiso sisiya emsebenzini wabantwana, wayezimisele ngomsebenzi wakhe ngezwa umamaza esemcoma, ebazi abantwana. Ngacina sengisekhaya labantwana. Yayingasamphathi uXolani, loba sengisithi angazihluphi ngokubuya , inhliziyo yayisala umbone esethutshile.
Wayesanda kuthwasa uNtulikazi lentuli zakhe, ngangisithi sizabuyela koBulawayo inyanga iphela yayingekho into engangijahile. Ngangisanda kuvuka, sithanyela iguma loSimiso, ngezwa umamazala esetshinga emkulwini.
"Charity, akuye emzini wakho. Iyama phela, ufuna umntanami enzeni? Ufonele uyise ebusuku etshinga ethi yimi engikwalisa ukubuyela koBulawayo, usuqinile wena since April, sesiku July khathe...."
Sathi mehlo s**a sabona ngothuli, egedini.
"Watshada wena, beka umthanyelo lowo phansi. Simiso emoteni labantwana."
"Ngitshilo kunyoko ukuthi liyamphumela lapha ilanga uXolani." Kwatsho ubabazela exhawula indodana yakhe. Kwasekumnandi ekhaya. Selokhu ngatshadayo ngangingakaze ngihlale ekhaya. "Iphelile imali yami ngochago lwalaba."
"Laba baba, ungathi kumbe bageza ngalo. Baqala nini ukudla."
"Akesimeni bantwabami silandele inhlelo zesibhedlela."
"Ungena lapha ukhukhumele kutheni wena Xolani angisalali mina ungitshayela ucingo ebusuku ubusuvukelwe angithi.."
Kwabamnandi ekhaya, laze laba semini ilanga . Yena wayesedibhisa inkomo uXolani. Sabulawela imbuzi yesitshebo. Uyisemkhulu wayephethe omunye, sathula sonke sifuna ukubona ukuthi uShawn ufuna ukwenzani lesaka ayeselendlale phansi. Wamthatha kuyisemkhulu baya kuwa bonke phezu kwesaka wakhala umntwana nango emdonsa ngesaka esiyamtshiya entubeni, watshibilika egijima. "Nanguya umntanakho mama, ngalitshela bafana bami ukuthi ngowami uKhulu."
Etsho ekhomba abanye yena esephezu kukaKhulu wakhe.
"Wagamula uswazi uyise. "Phangisa uyebuya lomntwana ngiyakukatsa."
"Angikwanisi ukumthwala."
"Uhambe laye njani ngabanawakho laba, awuzwa ukuthi uyakhala."
Wamudla kabili uyise ngoswazi wamlanda esuyamhudula waphuma esakeni . Wehluleka ukumphakamisa wacina esekhala laye. "Mphakamise angithi uhanjiswe nguwe."
"Yekela umntwana wena, lawe wawumgiqa uPopo, uyemtshiya entubeni."
"Ngizaku.."
"Khuluuuu."
Wayemsikiza nje uyise. Wahle wahlaba umkhosi. "Pho selihamba lingagezanga kutheni."
"Bayageza phambili mama."
Savalelisa sesibuyela koBulawayo, lami ngasengikhanuka indoda yami. Kwaba ngelinye idili sifika endlini.
Saze salala phakathi kobusuku.
"Ungangisoli ngingena lokuchitha."
Watsho evala impompi uXolani, yavuka imizwa, engiqabula. Wangiphakamisa engigoqele ngethawulo.
"Ngeke ukwenze lokhu baba kaShawn, ngilulambele ucansi."
Wayesengiphuzele mina, ngavele ngabamanzi sigeza, ngacela ngoba esephuzile.
"Hayi boo! Baphuma ngaphi laba?"
"Yinto owangibuza yona ngoShawn, usuhlaba umkhosi ufuna ukuvusa abantwana. Izihlahla owazigiga zazingezani. Uhlekani?"
Wangikhangela uXolani, wama , waqala phansi ukungiqabula. Saqala phansi. Wayengalali phezu kwami. Iqolo lidlala emoyeni umuntu, ngaze ngavala amehlo ngesandla. Wayekwazi ukuthi ngichitha ngayiphi indlela yikho nje wayedlala indima kababa kuqala. "Xolaniiiiiii, wangivala umlomo ngezwa esephefumulela phezulu laye.....
Memory Ndlovu
[15/05, 10:56] MAGATSHENI: KUSENHLABENI LA
SEASON 2
P11
"Ngiyakuthanda uyezwa."
Watsho uXolani, ephezu kwami, izandla zakhe zingiphahle ngapha langapha.
"Ngiyakuthanda lami."
"Pho uvalelani amehlo, ngikhangele. Izolo bengikukhumbulile, ngaludobha ucingo phakathi kobusuku sadobhana lomama. Kusele kancane ukuthi ngitshayele ebusuku, ubengeke nje avume umama, ngilale lawe. Yikho ngicine sengitshaya ucingo. Ulapha phakathi kweyami inhliziyo Charity, lokuthi ngingakuchaza njani angikwazi. Ngiyindoda ngenxa yakho, ngivumele ngikwenzele konke okufunayo empilweni yakho."
Kwehla inyembezi zothando indoda engithandayo, yehla yangiqamelisa esifubeni sayo okwesikhatshana yangithelela amanzi ngageza, yangithwala njalo. Ingifaka phezu kombeda, wayephelele kimi uXolani. Esathi uyajumeka kwavuka ababili, ngadonsa ingubo, kwangani angibezwa, wacina ehleka kuphela.
Kwasa ngelilandelayo, sengibuka umuzi wami. Kwasekukade ngacina. Kwapheka yena ubaba womuzi ukudla kwekuseni sadla siyimuli. Sisaphakathi kokudla, waqala uShawn, " mama batshele nje abantwabakho ukuthi umhlane kaChipo ngowami."
"Ngabanawakho Shawn?"
"Bonke laba, ngathi oyedwa."
"Uhlekani?"
Wabuzwa nguyise.
"Phela kuncane lokhu akudli nyama kunatha uchago."
"Lawe uyalunatha."
"Ngolwami."
Yayingeke iphele impi kuSipho labanawakhe, kubangwa indawo. Ngokwanda kwamaviki langena icala laboMthabisi kumhla zingamatshumi amabili kuNcwabakazi, ngobufakazi obabufakwe phambili kwathiwa lizangena njalo ngoLwezi. UChapiwa elakhe lalilodwa, phinde wayedlwengule ingane yesikolo.
Kwakuntambama ngipheka loChipo, uSimiso elabantwana. "Qoki, Qoki, litshona njani?"
Wasibingelela uXolani evela emsebenzini, wangiqabula wangipha ihug.
"Ngaze ngalamba, akuka vuthwa." Watsho esibukulula imbiza, ethatha ukhezo ephuma leqatha."
"Akulatswayi lapha."
"Awuu, seka Shawn."
NguChipo ngokumangala.
"Chipo, ufake lebilebile lixhwathele phakathi. Bangaphi abafana bami."
Sasala sihleka loChipo umuntu esehambe lokhezo. Sasilambile sonke , ngoba sitshone sisebenza . Ngapha labantwana. Saqedisa ukupheka , sadla sindawonye.
"Abantwana abakagezi."
Ngangilobuvila bokubagezisa, babegeze ekuseni. Ngokuthula nje uyise wabagezisa kanye lobhudi omkhulu. Ebusuku babengahluphi kakhulu.
"Seka Shawn, bengicela ukuyatshengisa umama abantwana, ngempelaviki."
"Kulungile, khona ukhuluma lamhlanje abantwana sebengaka, angikwehlukanisanga labazali."
"Ngiyazi lokhu, uyamazi unyokozala ukuthi unjani. Uyathi uyakhuluma ahle athi lina lazikhipha ziphelele nxa ngilohlupho ngiqonde eNyamendlovu."
"Akungekele mina, angifuni kukulandele, ngoba nxa sengikufuna ngitshaya ucingo, bayakuxotsha nje. Ngizakuhambisa, utshele uSimiso ukuthi alungise impahla."
"Bengithi sibaphe amaviki amabili bonke loChipo, lawe uyabe ungekho."
"Ngizavuma, kulo umnyaka uShawn uyaphambaniseka esikolo."
"Efunda yini kumbe uyabe esiyadlala."
"Ngiyakuzwa, ngizadlula ngilitshiya ngisiya eFolosi, bengifuna ukuhamba lani, kungenani , sizakuhlela ngokuya kwesikhathi. Charity ngikufuna eceleni kwami lengane zami." Wayekhathazekile uXolani wayesengifuna eduze kwakhe zonke izikhathi. Ngeqiniso wayesikhonzile ubaba wabantwabami.
Yafika impela viki, yithi labana sisiya ekhaya, uZwane wasala yedwa. "Kodwa Charity awusakhulumi ngani ukuthi uyabuya, yikho lokhu okungabantu bakho. Sipho usungubhudi omkhulu khathesi."
"Gogo, bayakhala laba, mina angifuni ku..."
"Ya wena Charity. Usuphendukile, watshiya usibukisa ngomphakathi. Ngithe ngibona imota ngalandela, lamhlanje uyisikelela emunweni, uphakathi komhlane lembeleko, abantwabami bangomabuya ekwendeni ngenxa yakho."
Saphakamisa amehlo, sonke uDorina ekhuluma ngaphandle kothango, wayeselingana lomthando.
"Kuyakusiza ukuthi awungenanga wena, abantwabami bayafika usumile. Wenda uCharity, usujwayele wena Dorina, ukhulume umi ngaphandle, ngoba ungangena lapha ngiyakugxoba ufunani kuCharity...:
"Mama.."
"Mana Charity, ngimtshele indaba zakhe, kunini engigudla ngizithulela, MaMoyo phuma ebantwaneni bami, kwakumnandi ugada nsukuzonke usiya yemukela ungakwazi ukuthi imali yabakhwenyana bakho bayemba kuwuphi umgodi, wanceda uNesisa wehlelwa yinhlanhla yamaswazi, wazenza ngcono wena, kungayisuwe lomntanakho aluba umntaka Charity uyaphila. Ungangiphandisi amangcwaba wena. Kusemhlabeni la, yonke into ilesikhathi sayo. Ngenxa yesihambi esasingathembekanga, wawuchitha umdeni, awukadubeki wena. Asikafiki isikhathi, ungaze ube uyabatshela abantu ngoCharity, nxa kutshona ilanga bakhuleka kuwonalo umuzi bezocela itswayi ngawe. Ukhohlakele wena, s**a lapha ngizakunikela ngezinja, ngaphosa ngafelwa ngumntwana ngenxa yakho."
Ngangena endlini losekaShawn, zasala zithathana phandle. Ngangizamthini umama, akula muli engelankinga zawo. Lami ngake ngayalamula umamazala esephosa izibhakera emhlanganweni, kubangwe inkomo emasimini.
"Lo, usadelela sibili."
"Ngeyomdeni leyo, uzathamba yedwa okwegadi ubabakazi."
"Kunjalo, asiyekukha amanzi lenkuni azikho. Umdala uyengaphi ngingamboni."
"Ngabona uyedolobheni siyabe siphambane laye. Wayethe uzafika kuTheo."
Sabatshiya bephethe emlonyeni sisiyagamula inkuni, wayezangena endlini umama ethatha abantwana. "Nguwe lo, Nesisa." Wayefuna ukubaleka uNesisa, wayengakholwa ayekubona, waswela lomgodi ongamginya kube kanye. "Uyaphuma uMthabisi wena Charity ngiyabuyela endlini yami, wena ulapha kutheni?"
"Ngingakithi nkazana, angilandwanga, ngivakatshile. Nxa ungikhangele ngilendaba loMthabisi mina, ngimangaliswa yikucaka kwakho. Impilo le. Isikutshise wabamnyama okwelahle."
"Ngizaku..."
Wathi ephakamisa isandla uNesisa ngasibamba, "sezadlula lezonsuku nkaza..."
"NaShawn,..."
Ngasilabhulela khatshana isandla sikaNesisa, ngangudla ngabomo wayabambelela phezu kwelitshe.
"Sizaxabana, ufika lolufika usuphosa izibhakera."
"Ngiyaxolisa.'
Ngenhliziyo ngathi kusiyaphela amaviki amabili, kuyabe sekukhala esami , bake bangithwalisa avuzayo. Wasihlabela inkukhu umama, wahlala amalanga amabili, wasitshiya esiya eFolosi umkami.....
Memory Ndlovu