Uyasiza umuthi

Uyasiza umuthi Khuluma no Mtombo akwenzele izamanga zenzeke ngomuthi

26/11/2022

28 November 2022 ngiqala ukukhipha isipesheli esikugeza ebangeni lemali nje (ingakwesabi, ize uma uyibiza)

Ngikhipha iziwasho ezintathu ngo R150

Esokuqala sigeza abadala (bakuthande basondele)
Esesibili sibiza inhlahla
Esesithathu sibiza imali.

Ngizokhipha 70 kuphela. (70 combos ~ 1 combo = 3 iziwasho)

Kwaphela ama combo kuyobe sekugezelwene.

* Ngithanda kakhulu laba abafika mathupha, kuhle ngoba ngiyakhona nokubheka kancane ukuthi imali izanyiswa yini kuwe.

Ningezwa kabi, ngizobathumelela nabathunyelelwayo "kodwa ngezindleko zabo"

Ngitholakala e Mondlo eduze kwesikole Lindumthetho Primary School.

25/11/2022

Umuthi unendawo yawo.

Okunye kuyalunga naphandle komuthi, umuthandazo unamandla kakhulu kunomuthi (sidinga umuthandazo ukuze sikhulule amandla omuthi)

Ngizwe kahle.
Kokubili siyakudinga futhi kubalulekile kodwa angifisi bese senza umuthi ube yisithixo.

Ngikhonza UNkulunkulu owadala imvelo yonke ngoba ibalulekile futhi eyithemba ukuthi inamandla aphelele okusibuyisela ohlelweni analo ngathi.

Nguye owasipha isifundo ngenkathi ephimisa phansi exova udaka lokuvula amahlo empuphuthe + wayithumela echibini ukuba iyogeza ukuze kuvuleke amehlo.

Sithola inceku yakhe u Lukha ephila ngokulapha abagulayo besinde.

15/11/2022

ISIMEMEZELO ESIMQOKA SAKOMKHULU SOMNTWANA UMANGOSUTHU BUTHELEZI UNDUNANKULU WENGONYAMA NGOHAMBO LWESILO LOKUYA PHESHEYA

15 NOVEMBER 2022

Kuthangi ngibikelwe yindodana yami, uMntwana uNtuthukoyezwe. Ungibikele ukuthi kade ecosha ucingo kulomunye kwababili abangunge iSilo. Uthe iSilo sithe kuye katshene uNtuthukoyezwe ukuthi iSilo sithi kangazise ukuthi iSilo simenywe ngomunye wezikhulu zebhola lomhlaba, i-World Soccer ukuba sibesemdlalweni we-World Soccer, njengoba uzoba ezweni lase-Qatar. ISilo simenywe noyedwa wesilisa osikhaphayo, noyedwa wesifazane ozobephelekezela iNdlunkulu yeSilo oKaMayisela.

Ngibone kufanele lomlayezo weSilo ukuba ngiwedlulisele eSizweni ngoba ngibone ngingaba necala eSizweni nxa iSilo sesingithumelele wona uma ngingawedluliseli eSizweni ngoba Ongangezwe sengithumelele lowo umlayezo.

Njengoba kungokokuqala ukuthi iNgonyama njengoba seyinikezwe isitifiketi nguMengameli wezwe, uMhlonishwa uMnu Matamela Cyril Ramaphosa esenikeze isitifiketi mhlaka 29 ku-October phambi kwaso iSizwe, ngakho-ke kufanele ngiwedlulise umlayezo weSilo wohambo olusezingeni lomhlaba wonke jikelele.

15/11/2022

Ngibingelela ngenhlonipho bonke enginabo kulelikhasi

Sesivala nje unyaka
Ngicela ukuqeda onke amakhambi ka 2022 ukuze ngiqale u 2023 ngamakhambi amasha vele aseyahluma

Ngizokwehlisa futhi inkokhelo yomusebenzi ngamunye ngisebenzisa uhlelo oluthi uNkulunkulu omthathu emunye wadala imvelo yonke ukuba siphile ngayo isinqobele izimpi zonke waqeda ngezinsuku eziyisikhombisa

Sithola izinombolo ezihambisana nobukristu ezimbili okungu 3 no 7

Ukuze zisebenzisane nokubambisana sibheka umukhiqizo bazo (Product) 3 x 7 = 21

Ngizobe sengisebenzisa lezinombolo kuphela kulezinsuku zalesipesheli, ngiyacela ningangilwisi bakethu (Akukuhle) phela ukuthi wena awenzanga ngaleli nani elizophakama manje akusho ukuthi uyarojiwa, kwakungesona isipesheli

Kusukela mhlaka 21 November 2022 kuya kumhlaka 21 December 2022 ngicela sivumelane ngezinduku esizozibeka ohlwnini lwendali zibe ngu 21 bese sehlisa imali eziphuma ngayo ibe ngu R30 , R70 no R210

Induku encane ezongena kuloluhlu "Automatically izoba ngu R30 ka njalo enkulu yokugcina esizoyifaka kuloluhlu I've ngu R210.

Lezi esingeke sakwazi ukuzisebenza ngalamanani omathathu okungu R30, R70 no R210 singazifaki lapha

Ngicela umuntu ngamunye (sengisho wena impela ufunda le post Njengamanje) aphakamiso izinduku esifisa zehliswe (only for this 32 days)

Shono nje ukuthi induku yokwenzani kuphela siyobe sesihlela thina ngapha.

12/11/2022

Bantwana bedlozi 👐

Sibaningi kakhulu kuleli qoqo lethu, kuzoba nzima kakhulu ukuthi ngiphumelele ukuphendula umuntu ngamunye.

Lokhu oku general ngiye ngikukhulume nje ebandleni ngishiye kanjalo ukuze umuntu ngamunye athole lokhu akudingayo, imibuzo eminingi nje ngeyamaphupho yingakho sengaze ngawabhala ngawashiya ukuze umuntu ngamunye abheke elakhe aphenduleke (nginikeza incazelo nje ejwayelekile yephupho, uma wena usufuna ukunakwa wena wedwa Woza eLadini)

Olunye futhi sizwe sakithi ngiye ngikugweme kakhulu ukunikeza imithi laphana ezinkundleni, ngicela ukuchaza kancane isizathu.
* Yebakwethu abathaka bangabantu nabo bahlakaniphile, uma sebazi ukuthi ubahlula ngani bazokwenzela icebo unqobeke kalula kakhulu
* ezinye izinduku ezenza okunye komunye zifika komunye zenze okuhlukile (yingakho kumele sifunde umuntu ngamunye )
* Nabantu abasizwa ngokufana, khona abasizwa umukhuleko nje kuphela uma singimunikeza umuthi kungashongo abakubo ngimubangela inkinga nje impela
* Kokunye uyacushwa kuthiwe uma nje eke wathinta lomuthi uyobe uvulela lokhu nalokhu (yingakho phela sithola kunabantu abathinta amakhambi kumele konakale kakhulu.
* Kukhona abantu abadinga iziwasho nje kuphela, yebo uthole umuntu ophuza isihlanzi kuphela ukugula.
* Kukhona umuntu odinga amakhambi
* Kukhona abantu okumele babhanqe
* Kukhona okumele belungisele abanye ukuze kulunge okwabo

Yingakho phela kukuhle ukuthi uhlole udaba lwakho ngaleso sikhathi ukuthi ludingani, wenze lokhu okuphakama kuwe ngaleso sikhathi, akuhanjwa ngenjwayelo emuthini

12/11/2022

Uma uholile akudleki ekhaya

11/11/2022

UNGALIBALI
uma kuvaleka vula ngomuthi

04/11/2022

Ngizwe besho kanje nami.

Address

Mondlo

Telephone

+27730950183

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uyasiza umuthi posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share