Uthando Lwakhe Book

Uthando Lwakhe Book Here Is My Third Book I Wrote. The First One Was "Umuntu Akalahlwa, Indlela Eyothandweni" Thanks

23/02/2023



UTHANDO LWAKHE - P2
(23 FEB 23 β€’ BOOK)
BY SICELO. S. SITHOLE

072 349 7278 β€’ 083 265 7223

Uma Ephinda Efona uThandolwakhe Ibanjwe Ngomunye Wabangani Baka Scelo Ifoni, "unjani sisi?" Ngyaphila bhuti, Uphi uScelo? Akekho usaphumile kodwa sizokwazisa uma esebuyile okwamanje sisabhizi nathi lana, Oh Ayikho Inkinga bhuti bengfisa ukuzwa nje ukuthi uyaphila yini, kuncono mayephila nimtshele afone uma esebuyile kuyaqala nokuthi ashiye ifoni yakhe kodwa akunankinga ngyakuzwa bhuti πŸ™ Maqede avale ifoni uThando Kungamgculisi kuthi uScelo Akekho Kodwa iFoni isalile, Aqhubeke mokukhathazeka umntana ka Mamkhwanazi 😊

Sifone isangoma sabo sibuze impilo kuThando "thokoza gogo niyaphila" yebo syaphila mama unjani wena

Mamkhabela _syaphila thina ngfona ngkhathazekile mtanami la
Thando _Yini mama kwenzenjani?
Mamkhabela _Uphi ubhuti wakho lo enanifike naye la?
Thando _Ukhona
Mamkhabela _Awumnike ifoni 😏
Thando _Akekho eduze nami okwamanje ukubangani bakhe kodwa yena uthena uzobuya, ngzamile ukufona ifoni ibanjwa abangani bakhe bathi usaphumile
Mamkhabela _Mmm mmm! 😏
Thando _Kungabe konke kuhamba kahle mama ? 😳
Mamkhabela _Akukho okuhle engikubonayo ngaye okwamanje
Thando _Uqonde ukuthini? 😳
Mamkhabela _Akuncono kube uthole yena ocingweni umuzwe uthini, ngoba lokhu kusile imbuzi yakhe le akayilethayo ilele ayidli, ayiphuzi manzi kuhle kwembuzi egulayo nokuyinto eveza kuthi akekho endaweni ephephile noma uyagula la ekhona kunento emehlele 😒
Thando _Awuthi ngizame kufona kodwa labafana bengayenzani lento engiyicabangayo shembe 😒😭, Ngzobuya kuwe mama mangimthola ngyabonga πŸ’–

Agxume efonini futhi uThando usefonela uScelo futhi, Ibanjwe abangani bakhe Asebenza Nabo "Yebo Sisi besichazile kuth sibhizi akekho uScelo" avuke ngolaka uThando "yey! Yey! Yewena... Ingane yakwethu le engiyifonelayo, uma ungafuni ukusha nendlu nginikezele yona ifoni manje" sisi wam akekho uSce.. "Ngithi yey! Mnike ifoni manje wemfana" πŸ˜• ....

23/02/2023



UTHANDO LWAKHE - P1
(23 FEB 23 β€’ BOOK)
BY SICELO. S. SITHOLE

072 349 7278 β€’ 083 265 7223

Usedubulekile uScelo Esifubeni, Esiphangeni Naseceleni Kwengalo Ulele phansi akasebenza nabo sebedidekile bazama ukumvala igazi kuth lingaphumi omunye wabo usayodumisa imoto ukuze bemfake kuyona bemohuthumise esbhedlela😒. Bemgqigqe bemfake emotweni beshaye bezule naye bezama ezosizo oluphuthumayo kuth angeke yini bemsize 😒 Bathi befika esbhedlela bangena bayamemeza "Sicela usizo Dokotela uyaphuma umphefumulo kamfwethu la" Bonke bayamemeza bacela usizo, Nangempela oDokotela besifazane nabesilisa bephume ngobuningi babo bemphuthuma uScelo abanye baqhamuka nembhede enamasondo Bemyisa egunjini labagula ngokwesimo esibucayi, Abanye oDokotela bephuthumisa Imshini yegazi ngoba seliphume kakhulu besondeza nokunye ababona kuthi kungasize..

Baqala oDokotela bavala igumbi ngamakhethenisi bashaya imshini yabo yokumphampa Bephindaphinda kathathu usethule uScelo, Bezame Kumkhipha izinhlamvu Befice Egqoke okokuvikela inhlamvu (Bullet proof) Ukuba ingangeni πŸ’– Bezame ukukhipha le engene esiphangeni inhlamvu nokuyiyo ebimenza abhibhe igazi ngokweqile 😒 bathena sebezikhiphile zonke bephinde memuphampe kathathu angavuki Besho bemxhuma imishini yegazi becele kuthi benikwe isikhathi oDokotela uzovuka uScelo bayethola igazi bese liphume kakhulu, babe sebebanika nesivikelo senhlamvu ukuba yisona esimsizile ngoba ukube besingekho ngabe kukhulunywa ukuthi Umzimba uyabanda manje 😒 πŸ’–

Ngapha uThandolwakhe Igazi Liyamshiya Selokhu evuke nemphupho futhi nokumphatha kabi uScelo ubengayibambi ifoni, Aphinde azame ukufona kathathu ikhala ifoni ingabanjwa beyibuka Abafana abasebenza noScelo Bayasaba ukuyibamba ngoba bayabona usisi ka Scelo abazi bazothini bayasaba 😒. Aphinde azame uThando Beze beyibambe ifoni ...

"Unjan Thando, UScelo Usaphumile" Maqede Bevale Ifoni Ngokushesha Engakaphenduli uThando 😏... Aphinde afone futh...

21/02/2023

Usendleleni U 😒 Cela Niqhubeke Nokunginika Uthando πŸ’–πŸπŸ™

21/02/2023

Umbhali Wencwadi U FourEyes TrapDwg Abaxhasi Mehlo Mane Entertainment 🐍

21/02/2023





BAKHONA NGEZANSI πŸ‘‡FUNDA PLEASE πŸ™πŸ’–

21/02/2023

Good People

Uthando Eninginika Lona Lukhulu πŸ’–Ningapheli Umoya Ngyabuya No 🐍πŸ”₯

21/02/2023

(EndOfSeason3)

UTHANDO LWAKHE - P20
(21 FEB 23 β€’ BOOK)
BY SICELO. S. SITHOLE

072 349 7278 β€’ 083 265 7223

Onogada Balana bezwe kuqhuma isibhamu bekhuphuke amastebhisi ngejubane sebekhiphe izibhamu baziphethe ngesandla amantombazane aseyamemeza umsindo wezipikha ngapha ziyawa πŸ’–πŸ”₯zivele izinkabi zika Scelo Lezi Ezine eziqaphe isimo la Ezansi zigade onyukayo Zivele zivulele uhlwayi Olubi πŸ”₯ zishiye uyaca Kushone inqwaba Ngisho namantombazane alimale ngephutha abe mahlanu NoScelo Le Phezulu nezinye Ezakhe bavulela Ngenganono 😊 Asuke Athathe lo Obaphethe Bengambulali Bamdubule Unyawo Nezingalo Zombili πŸ˜• Bethi kuye "Sifuna imali ndoda, yonke Iphi la Oyibeka khona?" aphendule lobaba ethi Ayikho, Avele uScelo Akhiphe ummese Amhlabe Ngawo Esphangeni Amhlabe Ngawo Kwesinye Isphanga Maqede Amhlome Umbuzo "Ucabanga ukuthi ngyadlala yini? Ngithi iphi imali wena snayi?" Ayikhiphe lomuntu esekhala negazi liyagobhoza abahole ebheke endaweni la akayifaka khona efike evule Ibhokisi maqede bemkhahlele ewe laphaya Bayikhiphe yonke imali Befonele lo Osemotweni ukuthi esondele ezobalanda 😊 Maqede bemthathe lobaba Behambe naye Ngemoto ...

Uma Befika Emgwaqeni Omkhulu Bemkhiphe Imoto Ihamba 😭 Bemshiye Kanjalo Beqhubeke Nohambo Lwabo πŸ™ Bebuyele Emzini kaScelo πŸ’– Mabefika behluselane Imali Kubemnandi Athi uScelo "bolova namuhla asambe siyodla ngfuna sishise inyama'' nangempela bevumelane behambe 😊 Kudume izimoto Zishone khona eshisanyama zyodla... Afone uThando, Mayebheka uScelo Usisi Wakhe Uyafona Avele Angayibambi Ifoni 😏 Aqhubeke Nohambo Lwakhe 😊

Ukufona Kuka Thandolwakhe Wayefuna Ukutshela UScelo Mayelana Nephupho Avuke Nalo, uThando Wavuka Nephupho Ebona uScelo Kungath Uvuza Igazi Uyahamba akuhambeki Maqede waphaphama uThando Esehefuzela" 😭...

Behlale oScelo Bedledle Kusemnandi Kunjeyaya, Aqhamuke uAmanda Nezakhe Bevulele uhlamvu ngathi Bebenolwazi Kuthi uScelo Uzobe Eseshisanyama, bemshaye uScelo Esfubeni Kathathu Ngohlamvu😭 Besuke bebaleke ngezimoto oAmanda..

21/02/2023



UTHANDO LWAKHE - P19
(21 FEB 23 β€’ BOOK)
BY SICELO. S. SITHOLE

072 349 7278 β€’ 083 265 7223

uScelo Athumele umqhafazo kuThando "Sisi wami omuhle😊 nawe Sindisiwe Wami 😊 Ngizolala emzini wami namuhla ngcela nilale kahle lapho sengsukile kwaMkhize ngibheke Kwami Ngzonibona emva Kwezinsuku Ezintathu Ngsafuna Ukuhlala Nezinja Zami πŸ™" Ayibone lencwadi esefonini uThando Avele Abone Ukuthi Weeee Ubhuti wakhe usefuna ukuphusha umshikashika wakhe wobugebenguπŸ˜‚ Athumele umqhafazo emuva "Gundane lamama syabonga nodadewethu 😊 Cela uphephe bakithi kuleyo ndlela yakho ngoba ngyazi kukhona amaqhinga ophezu kwawo nje ngoba ubaleka usishiya sodwa ungasavalelisile πŸ˜‚" ...ayifunde uScelo Lencwadi Ehleke πŸ˜‚ Asuke aphendule "Wazi mina impela sisi, Ngyabonga" .

Avike uScelo Emzini wakhe afonele ezakhe zitheleke zigcwale indlu Zimbone unehlo elithintekile (blue eye) kyasho kuthi kade eshaywa 😳 Bembuze echaze "Kunezinye izinja ezingithintile kade ngyolanda usisi wami" Hawu! Bhoza yena lo Kade ethathiwe futhi? 😳 Cha omunye bolova eningamazi nina, "hawu! Bhoza kungani ungasibizanga pho?" Bekuphuthuma majita ngyaxolisa, kodwa akukho okusele okuningi asilayishe izibhamu siye khona angenziwa njalo mina πŸ˜• Kuzogcina mina 😊

Endleleni ebheke eGoli uScelo Nezinkabi zakhe Bayiziphindiselela πŸ˜‚ Uma Befika bemise imoto kude nala abayakhona, Bese Behamba Ngotebhane beshiye Oyedwa emotweni "wena sizokufonela usondele ngemoto uzosilanda" Avume behambe bapheshe imali ethi mali 😊 Bangene Lo osemnyango abavimbe Bavele bemhlabe ngommese bemlamelise eduze nekhamera Emile kube ngathi uyaphila πŸ˜‚ Basuke bengene Abahlanu benyuke noScelo Abanye Abane Besale La Bebheke onyakazayo izibhamu bazifihlile, Ethi mayefika uScelo phezulu Engakhulumi lutho evulele ngohlamvu😈πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

Address

Hlabisa

Telephone

+27723497278

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uthando Lwakhe Book posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Uthando Lwakhe Book:

Shortcuts

Share

Category