26/09/2020
Impi Yezigodi!
Part 1:
Kusendaweni yakwa Dabhazi esigodini SAkwa Shumeka.Kusemini kuphithizela izingane zesikole ziphuma esikoleni INkowane high school.USyanda omunye wabafundi uhamba nentokazi afunda nayo umatikuletsheni uSnothole.Phela yiliwo nalowo mfundi uzihambela nowakwakhe.Bazihambela kancane ngathi umhlaba owabo abajahe ndawo."Ngiqinisile phela Sno ngiyakuthanda,Yazi sekuyisikhathi ngizibika kanti ungizwela nini mntanomuntu,Sphalapha ,".Lawo Mazwi ephuma ku Syanda ewabhekise kuSnothile."mina angikafuni ukungena kulezinto zothando,Ngizosuke ngiphazamiseke nase kufundeni,Kuncono mangiqeda isikole mhlampe sesingazama ke".Isho intokazi le ngesizotha ibimamatheka kufacake izihlathi.Inhle phela intokazi le imhlophe ngokwebala yase ibanomzimba othe ukuvuleka."Ngeke ngikuphazamise nkosazane enhle ekufundeni,Kunalokho sobe sisizana njengoba ngiyazi kancono i maths nawe uyazi kancono iphysics ne geo.".Esho ngezwi elincengayo uSyanda, Kusenjalo bevinjwe abafana abathathu oyedwa wabo ubhuti ka Snothile."Wena Snothile uyazenzela hhe!Ngoba engasekho ubaba,Uzongiqonda kahle wena".kusho uMenzi umfowabo ka Snothile. "Ufunani lapha Menzi?". kubuza uSnothile ngokudinwa.ebambelele edande." Ungazo ngibuza lowo msangano wena sfe..".Ethi umthela ngempama ayivimbe uSyanda. "Kahle mjita,Ungayonzi leyonto akukhona nalokho okucabangayo ngathi,Mina no Sno singabangani nje akukho okunye". Kusho uSyanda ngezwi lokuncenga." Uthini wena hhe,Ungazongenza inyoni wena,Ugaqele ukudla ingane yasekhaya .bolova asimthelekele".Kusho uMenzi nebala bangaciciza labafana bebehamba noMenzi.Bamwisa phansi uSyanda bemshaya,Kwala noma esezixolisela ngapha no Snothile uyazama ukuncenga abasezwa mshini.Useyakhala kwaze kwalamula ukuma kweVeni ehamba uthishanhloko waKhona enkowane,Bakhane bebaleka.Wasala uSyanda elelephansi emaxhifixhifi ebusweni neshethi lakhe lesikole elimhlophe libomvu igazi.USnothile naye usejamelwe ngumqondo uyakhala."Awu kodwa shwele,Abakulimazannga nje labo skhotheni,".Esho ephuma evenini uthisha nhloko umnumzane Nkosi."Ulimele thisha".Kusho uSnothile evayisa izandla kwehla nezinyembezi."bebemshayelani ngabe uyazi?".Waluchaza lonke uDaba uSnothile. bamfaka ngemuva emotweni uSyanda lapho uqulekile.Yahamba imoto uSnothile wahamba eyedwa esebheke ngakubo kwaMaNdlakazi esigodini saseMaNseleni.Ehamba endleni ecabanga engafisi nakumbona umfowabo uMenzi.Wake wafikelwa ngumcabango wokutshela umama wakhe,Wabuye wawuphebeza lowo mcabango.
ESitolo esiseBungwini khona endaweni yakwa Dabhazi.Kuhleli inqwaba yegenge."Yazi labafana bakwaMandlakazi bayasixhaphaza ,Abayiqali lento yabo,Bayaseya lesi sigodi sangakithi,Kumele sibakhombise ukuthi thina siwuSuthu kasibhedelwa."..Kusho omunye wabo uPhilani.Bamvumela bonke.Sekudlule izinsuku ezimbili no Syanda esqala ukuba ncono.KwaMandlakazi uMpilonhle Mthembu wakwa Dabhazi Ebungwini uyobuka ibhola emayini,Esehamba endleleni ahlangabezane nequlu labafana bakhona Emayeni."Ya wena sani,Ungowaphi ubhekephi futhi'?".Kubuza omunye wabafana kuleliqulu."Ayi ngingowaseBungwini bengizobuka ibhola la."Bolova Ungowasebungwini.IBungu Lishela osisi bethu linjalo liyabamithisa qede libashiye,asimngene majita sibafundise isifundo sokuthi badlalele kude kosisi bethu."."Kahleni bafwethu ningayenzi leyonto anginacala ngalokho mina".Ezincengela uMpilonhle. "uzofela izono zabo njengo Jesu". basho bemthelekela bemshaya.Lezindaba zokushaywa kwa Syanda no Mpilonhle zaduma iBungu lonke,Lokhu okwabacasula abafana base bungwini baqoka uSuku lokuyoziphinfiselela.Okubuhlungu sebeahaya noma yimuphi umfana wakhonanaye.Bahlangela kwaMthembu khona ebungwini.Bahlela indlela abazokwenza ngayo.Abanywle baphethe izibhamu,Abanye baphethe omese nezagila.Abanye ke baphethe izakwil.Baningi ungabalinganisela kwabangamashumi amabili.Banekhumbi abaZohamba ngayo.Nebala bagibela kuyoYasuka ilibangise kwamandlakazi.
a bavuma ingoma." banamanga ngeke besithinte thina,Akesinyukele entabeni sobahlukanisa inhloko nesixhanti".Ingoma ababeyivuma.Emzini wakwa Sthole uSyanda esugumbini lakhe,Uhleli embhedeni ufake ukhonkolo....
Iyaqhubeka.......
IBhalwe Ngu Thembinkosi S'ya Nxumalo..πππ mema abangani bakho ukuba bezoba yilunga le page.