Imvuselelo

Imvuselelo Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Imvuselelo, Shopping & retail, 1639 W section, Umlazi.

26/02/2022

Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.
2 IZikhronike 36:16

23/01/2022

Izimpukane ezifileyo
zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile;
kanjalo ubuwula obuncane
bulingana nokuhlakanipha nodumo.
UmShumayeli 10:1

Qaphela ungafani nempukane efile, kubekhona inxokozelo enkonzweni Kanti nguwe,uphefumula ukufa, Konke ukwenza kwakho akwakhi, Awuzame ukufela kude nendlu kaJehova,

31/12/2021

Uma uNkulunkulu engakuthi ubani,ongamelana Nathi, Yonke imimoya yobumnyama ngeke yalunga ngoba sibiyelwe uJehova

18/11/2021

Uma uNkulunkulu engakuwe,Ubani ongamelana nawe,

03/03/2021

IBHAYIBHELI ELINGCWELE IZENZO 10:34-35 Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.

02/03/2021

IBHAYIBHELI ELINGCWELE KUMAHEBERU 1:1-4 UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.

28/02/2021

IBHAYIBHELI ELINGCWELE KWABASEGALATHIYA 6:17-18 Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.

26/02/2021

Amen, Ngizochaza nje kafushane,uma iva likuthintile,awubi nalutho,futhi nohlangana nabo endleleni ababoni ukuthi kukhona into ekuthintile,coz nokuhamba kwakho kusafana nakuqala, Kanti uma uhlabekile kush*tsha,ukuhamba,kush*tshe ukwenza,futhi awusahambi lapho uthanda khona,awusayi lapho uthanda khona,coz uhlabekile,

Umuntu ohlatshwe izwi uyabonakala ngezenzo nangenkambo,evathile engavathile uyazibonakalela ukuthi ungumzalwane,

Othintwe yizwi uzwe kuhlatshelelwa kamnandi noma kushunyayelwa kamnandi wazithuka esephakathi, but akush*tshi lutho kuye uyafana nakuqala,

25/02/2021

Yini umehluko phakathi, komuntu, othintwe yizwi,nomuntu ohlatshwe yizwi?

Lezi zinto zombili,azifani, futhi nokwenza kwabo,akufani, Yini umehluko?

25/02/2021

Amen Kubo bonke abazalwane,ekuseni, Sibonge, ukugcinwa uJehova,ubusuku bonke kuze kube imanje, Ngivule leli page ukuze sivuselelane singabazalwane, noma ungowaliphi uhlelo,ngena kuleli page ukuze,usiqondise endleleni sihambe ngalokhu,okufunwa uJehova, Singabazalwane siyadinga ukuvuselelana,ezwini leNkosi,ukuze sihambe singenakho ukwesaba,

Address

1639 W Section
Umlazi
4031

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Imvuselelo posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share