23/05/2023
Ngiyinkosazane yentaba
P8
Kusehhotela umonde uhleli noBiyile bayaxoxa .
Buyile : kuhle nke makunjalo .
Babukane .
Monde : umuhle yazi .
Ahleke abheke phansi ubuyile .
Buyile : ngiyabonga .
Baqabulane eside isikhathi lesi . bakhumulane nezimpahla . ethi esephezu kwakhe umonde avele amumise ubuyile .
Monde : ( ngokucasuka ) yini kanti manje ?
Buyile : angikho ready plz .
Monde : ini ? Uyahlanya wena .
Ambabhe ngenkani alale naye . nakhona uyamhliphiza nje . maqende aphume amashiye kanjalo .
********
U Akhona ubukana nokabelo emehlweni .
Kabelo : sinjani isikole ?
Akhona : akufani khona siyazama .
Kabelo : hayi bo kwamele nisebenze hayi ukuzama Akhona .
Akhona : kwangathi uyakwanta phona ?
Kabelo : vele . yini oyizamayo Akhona . okay mana ngibuze kanjena . yini ekuphazamisayo ekutheni ungaphasi ?
Akhona : hayi bo angishongo ukuthi angeke ngiphase kodwa akukholula .
Kabelo : ayikho into elula emhlabeni Akhona , yonke into inzima kodwa kwamele sizame ,sihluleke sizamile .
Akhona : ngiyakuzwa .
Babukane ,basondeze amakhanda sabantu abazoqabulana .
Kabelo : unesure yalento ?
Akhona : yae nginesure ( ngephimbo eliphansi ) .
Baqabulane .
******
Ubuyile afike ekhaya kubo angene edlini azivalele akhale kabuhlungu . No Akhona azizwe efikelwa ngusizi .
Kabelo : yini urty ?
Akhona : ( ngezinyembezi ) ngizwa ngifikelwa wusizi angazi why . komele ngiye ekhaya.
Kabelo : angikuhambise nke .
Akhona : ungakhathazeki hamba wena uye edlini .
Kabelo : nanti nke uncingo khona ngizokwazi ukukuthinta kulo .
Akhona : okay .
Aluthathe ahambe . ethi mayesesithele nje ebese eyama .
Akhona : kukhona onamandla okudlwengula usisi wami kulecountry . ( ahleke kancane ) uzongithola kahle monde wakhona .
Ash*tshe abe yinkanyamba ahambe aye kamonde . afike azish*tshe abe ubuyile .anokhe , avule umonde .
Monde : ufunani lana wena ?
Akhona : sancela ungiphinda .
Monde : okay .
Angene .
Akhona : unesibindi sokudlwengula usisi wami .
Monde : ini?